ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA UMBUZO 1.1 Funda lesi…
ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA UMBUZO 1.1 Funda lesi siqheshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. TEXT A UHLELO OLUSHA I-RHYTHM & GOSPEL 1. Johannesburg – Umculi womculo wokholo, uKhaya Mthethwa, usezokwethula uhlelo olusha lweGospel esiteshini sikamabonakude iBET Africa (DStv 129) noluzoqala ngo-13:00 ngomhlaka-21 kuMeyi. Abathandi bomculo wokholo sebezokwazi ukuthokozela lolu hlelo nalapho ezobe enezingxoxo nabanye babaculi beGospel abaphambili kulolu hlelo olusha lweBET, i-Rhythm & Gospel. 2. Phakathi kwabanye babaculi okulindeleke ukuba babe yizimenywa kulolu hlelo kubalwa uJudith Sephuma, uLebo Sekgobela, uDr Tumi, uRebecca Malope, uMahalia Buchanan, uBenjamin Dube, uLoyiso Bala, uNqubeko, uNtokozo Mbatha, uNeyi Zimu kanye noJames Okon. Oyi-Vice President kwiBET, Youth & Music for Viacom International Media Networks (VIMN) Africa, uMonde Twala, uzwakalise ukujabula ngokuthi lesi siteshi sesizokwethula uhlelo lokuqala lwe-Gospel oludidiyelwe lapha ekhaya. 3. Uthi isakhiwo salolu hlelo sihluke kakhulu futhi bayaziqhenya kakhulu ngokusingatha uhlelo olukuleli zinga. Uthi lesi siteshi sisazoqhubeka nokuzinikela ethalenteni kanye nasezinhlelweni zalapha emzansi ezihambisana nababukeli baso. UKhaya Mthethwa uthi uzizwa ehlonipheke kakhulu ngokwethula lolu hlelo, wabe esenxusa ababukeli ukuthi benze isiqiniseko sokuthi alubaphuthi lolu hlelo. (IsiZulu Sami Nawe) RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT A IN ANEW PAGE
Read Details