UMBUZO 1.1 ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA Funda lesi…
UMBUZO 1.1 ISIQEPHU A: ISIFUNDO SOKUQONDISISA Funda lesi siqheshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo. TEXT A IPHUPHO LIKAPHINDI 1 Iphupho likaPhindi lokuba nebhizinisi lakhe lamenza wabeka imali. Yathi ingafinyelela ku-R2 000, wavula ibhizinisi lokuthunga izikhumba. Leli khono, uPhindi wayelifundiswe indoda yasePakistan ayeyisebenzela. Esaqala ukuthunga, uPhindi wayethunga izingubo zemishado zomakoti. Ngaphezu kwezingubo zomshado, uPhindi wayebuye athunge namajazi, amabhantshi, izingubo, iziketi kanye nokunye. Izingubo zomshado zifuna indawo ehlanzekile. 2 Lokhu kwamenza wathatha isinqumo sokuyeka ukuzithunga. Wabhekana nokuthunga izimphahla zokugqoka ngoba isikhumba siyangcolisa. Izingubo zomshado uzithunga nje uma kwenzeka kuba khona othile okhethekileyo ocela amthungele. Uthi ngelanga uthunga amajazi amade amathathu. UPhindi usebenzela egaraji. Waqala ukuthunga esasebenza. Ukuthuthuka kwebhizinisi lakhe lokuthunga kwamenza wathatha isinqumo sokwesula emsebenzini. Wayefuna ukuba nesikhathi esanele sokubhekana nebhizinisi lakhe. 3 UPhindi useze waqasha abantu ababili abamsizayo kanti ufisa ukugcina ebhalise inkampani yakhe ngokusemthethweni. Imali ayenzayo yanele ukuba akhokhele abamsizayo aphinde agcine nezidingo zakhe zempilo. UPhindi wenza isiqiniseko ukuthi izingubo azithungela abantu zingcono kunalezo azithungela zona yena. Inkinga abuye abhekane nayo eyokungakhokhelwa ngesikhathi yilabo abathungelayo. Sewaze wakhetha ukuphoqa amakhasimende akhe ukuthi akhokhe idiphozithi ngaphambi kokuba aqale umsebenzi. Ezinganeni zikaPhindi ezinhlanu, ayikho nayinye efisa ukwenza lo msebenzi wakhe. [Uthathwe kusolezwe] RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT A IN A NEW TAB
Read Details