UMBUZO 1.2: Funda lenkondlo elandelayo bese uphendula im…
UMBUZO 1.2: Funda lenkondlo elandelayo bese uphendula imibuzo ezolandela. TEXT B SIBUYILE ISITHUNZI Sibuyile isithunzi, Kimi kwakunamanxeba angapholi, Kimi kwakunenzondo engapheli, Kimi kwakunokuxokozela kwafuthi Okwakungibelesele ngaphenduka inhlekisa Ngangabuqonda ngempela ubumina. Sibuyile isithunzi, Bangokha ngensini ngoba ngiqome uNomfundo Bathi ngizenza ngcono ngoba ngihlafuna nolukajoji, ngikhipha isibhunu ngamakhala. Sibuyile isithunzi, Ukuhlakanipha kwemvelo Kunyathelwa ngukuhlakanipha emhlabeni. Ngiyalibonga igalelo lalezo zinsiswa nezintombi Zona ezingakhathalanga noma kunzima Sibuyile isithunzi, Zabekezela kunzima kusinda kunjalo Zayibamba kuhlengeleza izinyembezi Asala khona amaqhawe namaqhawekazi Alale kulwile ukulwa okuhle. RIGHT CLICK ON THE BUTTON BELOW TO OPEN TEXT B IN A NEW TAB
Read Details