TEXT C IMFUNDO 1 Inja yisilwane esibalul…
TEXT C IMFUNDO 1 Inja yisilwane esibalulekile emphakathini. Iyakwazi ukuqeqeshwa/ ukufundiswa ukuze isize ezimweni ezehlukene. Abanye abantu abazithandi izinja ngoba ziyangcolisa, ziyizindleko futhi zibanga umsindo. Inja ingumngani weqiniso kumnikazi wayo, iyamazi ngisho ephakathi kwabantu abaningi. Umnikazi wayo uma evelelwa yingozi iyakhonkotha ukuze babone abanye abantu ukuthi kukhona inkinga ekhona banikeze usizo. Inja inothando lweqiniso ngisho umnikazi engayithengeli ukudla kodwa uma efika iyamjabulela. 2 Amaphoyisa ayazisebenzisa izinja ukufuna umuntu olahlekile. Ziyaye zinukiswe impahla yalowo muntu olahlekile khona zizolazi iphunga lakhe. Ziyasetshenziswa futhi nokuhogela/ukunuka izidakamizwa kubantu nasezimpahleni. Izinja ezifundiswe kahle zikwazi u uhogela izidakamizwa kanye namabhomu. Imizi eminingi ifuye izinja ukuze zigade amakhaya angagqekezwa kalula. Kukhona izinja eziluma ngempela, isigebengu singacabangi ngisho ukungena kulowo muzi. 3 Izinja ziwusizo olukhulu emphakathini kubantu abangaboni emehlweni, abayizimpumputhe. Lezi zinja ziyafundiswa ukuze zikwazi ukusiza loyo ongaboni. Umuntu ongaboni emehlweni akehlukani nenja yakhe, baba ngamathe nolimi. Iyamsiza uma esengozini. Kukhona ezifundiswa ukuthunywa njengabantu. Uma kufika incwadi yeposi noma iphephandaba ziyalilanda zililethe endlini. Ezinye ziqoqa izinto zizibeke ezindaweni zazo. RIGHT CLICK ON THE BOTTON BELOW TO OPEN TEXT C IN A NEW PAGE
Read Details